9. Yonke iminikelo yokuphakanyiswa yezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo kumpristi iyakuba ngeyakhe.
10. Izinto ezingcwele zalowo nalowo ziyakuba ngezakhe; noma kungaba yini umuntu akunika umpristi, kuyakuba ngokwakhe.’ ”
11. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
12. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma umfazi womuntu eduka, aphambuke kuye,
13. alale nenye indoda kusithekile emehlweni endoda yakhe, kufihlwe, angcoliswe, kungekho fakazi nokho ngaye, futhi engabanjwanga,