Unumeri 5:28-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Kepha uma owesifazane engangcolisiwe kodwa ehlambulukile, uyakukhululeka, athole inzalo.

29. “ ‘Lowo ungumthetho wesikhwele, lapho umfazi esephansi kwendoda yakhe eduka, angcoliswe,

30. noma lapho indoda ifikelwa ngumoya wesikhwele, ibe nesikhwele ngomkayo; khona iyakumbeka owesifazane phambi kukaJehova, umpristi agcine wonke lo mthetho kuye.

31. Indoda iyakukhululeka ebubini, kepha owesifazane uyakubuthwala ububi bakhe.’ ”

Unumeri 5