1. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
2. “Bala umumo wamadodana kaKohati phakathi kwamadodana kaLevi ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,
3. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.