Unumeri 36:7-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ifa labantwana bakwa-Israyeli aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayakunamathela, kube yilowo nalowo efeni lesizwe sawoyise.

8. Yileyo naleyo ndodakazi enefa esizweni esithile sabantwana bakwa-Israyeli iyakuba ngumfazi womndeni wesizwe sikayise, ukuze yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli abe nefa lawoyise.

9. Ifa aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba izizwe zabantwana bakwa-Israyeli ziyakunamathela, kube yileso naleso efeni laso.

10. Njengalokho uJehova emyalile uMose, enze njalo-ke amadodakazi kaSelofehadi,

11. ngokuba oMahela, noTirisa, noHogila, noMilka, noNowa, amadodakazi kaSelofehadi, agana amadodana awoyisekazi.

12. Agana emindenini yamadodana kaManase indodana kaJosefa, nefa lawo lahlala esizweni somndeni kayise.

Unumeri 36