Unumeri 33:42-52 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

42. Basuka eSalimona, bamisa ePunoni.

43. Basuka ePunoni, bamisa e-Oboti.

44. Basuka e-Oboti, bamisa e-Iye Abarimi emkhawulweni wakwaMowabi.

45. Basuka e-Iyimi, bamisa eDiboniGadi.

46. Basuka eDiboni Gadi, bamisa e-Alimoni Dibilatayimi.

47. Basuka e-Alimoni Dibilatayimi, bamisa ezintabeni zase-Abarimi ngaphambi kweNebo.

48. Basuka ezintabeni zase-Abarimi, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.

49. Bamisa ngaseJordani kusukela eBeti Jeshimoti kuze kufike e-Abela Shithimi emathafeni akwaMowabi.

50. UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi:

51. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa niwela iJordani ukuba ningene ezweni laseKhanani,

52. niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nichithe yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo,

Unumeri 33