36. Basuka e-Esiyoni Geberi, bamisa ehlane laseSini eliyiKadeshi.
37. Basuka eKadeshi, bamisa entabeni yaseHori eceleni kwezwe lakwa-Edomi.
38. U-Aroni umpristi wakhuphukela entabeni yaseHori ngesiyalezo sikaJehova, wafela khona ngomnyaka wamashumi amane emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngenyanga yesihlanu ngolokuqala lwenyanga.