Unumeri 17:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2. “Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthabathe kubo izintonga, ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise, kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe.

3. Uyakuloba igama lika-Aroni entongeni kaLevi, ngokuba kuyakuba yintonga inye kuleyo naleyo nhloko yezindlu zawoyise.

Unumeri 17