39. UMose wakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu.
40. Bavuka ekuseni kakhulu, benyukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bhekani, sesilapha, kepha siyakuya endaweni ayithembisile uJehova, ngokuba sonile.”
41. UMose wathi: “Neqelani izwi likaJehova na? Akuyikuphumelela.