13. Owesizwe sakwa-Asheri: uSethuru indodana kaMikayeli.
14. Owesizwe sakwaNafetali: uNabi indodana kaVofisi.
15. Owesizwe sakwaGadi: uGewuweli indodana kaMaki.
16. Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuhlola izwe. UMose wambiza uHosheya indodana kaNuni ngokuthi uJoshuwa.
17. UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngalapha, niye ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,
18. nibone izwe ukuthi linjani, nabantu abakhe kulo ukuthi banamandla noma babuthakathaka, bayingcosana noma baningi yini,