Unumeri 1:1-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi etendeni lokuhlangana ngolokuqala lwenyanga yesibili ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo eGibithe, wathi:

2. “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo, bonke abesilisa ngezinhloko zabo;

3. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi, wena no-Aroni anobabala ngamabandla abo.

4. Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe, yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.

5. Lawa angamagama amadoda ayakuma nani:kwaRubeni: u-Elisuri indodana kaShedewuri.

6. KwaSimeyoni: uShelumiyeli indodana kaSurishadayi.

7. KwaJuda: uNaheshoni indodana ka-Aminadaba.

8. Kwa-Isakare: uNethaneli indodana kaSuwari.

9. KwaZebuloni: u-Eliyabe indodana kaHeloni.

10. Kubantwana bakwaJosefa: kwa-Efrayimi: u-Elishama indodana ka-Amihudi; kwaManase: uGamaliyeli indodana kaPedasuri.

11. KwaBenjamini: u-Abidani indodana kaGideyoni.

12. KwaDani: u-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.

13. Kwa-Asheri: uPagiyeli indodana ka-Okirani.

14. KwaGadi: u-Eliyasafa indodana kaDehuweli.

15. KwaNafetali: u-Ahira indodana ka-Enani.”

16. Yilabo ababebizwa enhlanganweni, izikhulu zezizwe zawoyise; babe yizinhloko zemizi yakwa-Israyeli.

17. OMose no-Aroni base bethatha lawo madoda aseshiwo ngamagama.

18. Babutha inhlangano yonke ngolokuqala lwenyanga yesibili, basho okhokho babo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezinhloko zabo.

19. Njengalokho uJehova eyalile uMose, wababala kanjalo ehlane laseSinayi.

Unumeri 1