12. Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe;njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibinezinyoni ezibanjwa ogibeni,kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibengesikhathi esibi,lapho siwehlela ngokuzumayo.
13. Ngabona futhi ukuhlakanipha ngale ndlela phansi kwelanga, kwaba kukhulu kimi:
14. kwakukhona umuzi omncane, unabantu abayingcosana phakathi kwawo; kwafika inkosi enkulu kuwo, yawuvimbezela, yakha izinqaba ezinkulu ngakuwo;
15. kepha kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo; yawukhulula umuzi ngokuhlakanipha kwayo, kodwa nokho akakho okhumbula leyo ndoda empofu.