1. Gcina unyawo lwakho, lapho uya endlini kaNkulunkulu, ngokuba ukusondela ukuyokuzwa kungcono kunokunikela ngomhlatshelo weziwula, ngokuba azazi ukuthi zenza okubi.
2. Ungabi namawala ngomlomo wakho,nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwiphambi kukaNkulunkulu,ngokuba uNkulunkulu usezulwini,wena usemhlabeni;ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana.