2. Yabela abayisikhombisa nabayisishiyagalombili,ngokuba awukwazi okubi okuyakuba semhlabeni.
3. Uma amafu egcwele imvula,ayayithulula emhlabeni;futhi uma kuwa umuthi ngaseningizimunoma ngasenyakatho,endaweni lapho uwa khona umuthi,uyakuba lapho.
4. Oqaphela umoya akayikuhlwanyela;obheka amafu kayikuvuna.
5. Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi,nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.