5. Ngokuba bonke abantu bahamba,kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe,kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethukuze kube phakade naphakade.
6. “Ngalolo suku,” usho uJehova,“ngiyakubutha abaqhugayo,ngiqoqe abaxoshiweyo nengenze okubi kubo,
7. ngenze abaqhugayo babe yinsali,abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla;uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyonikusukela manje kuze kube phakade.
8. Wena mbhoshongo womhlambi,negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe,yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika,umbuso wendodakazi yaseJerusalema.”