Umika 2:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkathoebandleni likaJehova.

6. “Ningaprofethi,” baprofetha,basho njalo,“ningaprofethi ngalokho;ihlazo aliyikusifica.”

7. Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe,ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile;yizenzo zakhe lezi na?“Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?

8. Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha;nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba,befulathele ukulwa.

9. Niyaxosha abesifazane babantu bami ezindlini zokuthokoza kwabo,nisusa ezinganeni zabo ubukhosi bami kuze kube phakade.

10. Sukumani nihambe,ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu;ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.

Umika 2