Umika 1:5-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobenangezono zendlu yakwa-Israyeli.Siyini isiphambeko sikaJakobe?Asiyilo iSamariya na?Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda?Aziyilo iJerusalema na?

6. “Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendlenendawo yokutshala izivini,ngiqulele amatshe alo esigodini,ngambule isisekelo salo.

7. Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa,nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo,nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo,ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe;kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.”

Umika 1