Ulevitikusi 6:23-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Yonke iminikelo yempuphu yompristi yoshiswa yonke, ingadliwa.”

24. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

25. “Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe, uthi: ‘Nanku umthetho weminikelo yesono; endaweni ohlatshelwe kuyo umnikelo wokushiswa, mawuhlatshelwe khona umnikelo wesono phambi kukaJehova; ungcwelengcwele.

26. Umpristi onikela ngawo ngesono wowudla, udliwe endaweni engcwele egcekeni letende lokuhlangana.

27. Konke okuyakuthinta inyama yawo kuyakuba ngcwele; nxa ingubo ifafazwa ngegazi lawo, lapho kufafazwe khona uyakukugeza endaweni engcwele.

28. Kepha isitsha sebumba okuphekelwe kuso masaphulwe, kodwa uma kuphekelwa esitsheni sethusi, siyakuphucuzwa, sihashazwe ngamanzi.

Ulevitikusi 6