12. “ ‘Uma umnikelo wakhe uyimbuzi, wonikela ngayo phambi kukaJehova,
13. abeke isandla sakhe enhloko yayo, ayihlabe ngaphambi kwetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni afafaze i-altare nxazonke ngegazi layo.
14. Abesethabatha kuyo, anikele ngomnikelo wakhe ube ngumnikelo womlilo kuJehova, amanoni asibekela izibilini nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,
15. nezinso zombili namanoni akuzo angasezinkalweni, namanoni aphezu kwesibindi, ewasusa ngasezinsweni.