Ulevitikusi 26:7-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Niyakuxosha izitha zenu, ziwe phambi kwenu ngenkemba.

8. Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, nabayikhulu kini bayakuxosha izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe phambi kwenu ngenkemba.

9. “ ‘Ngiyakuninaka, nginenze ukuba nizale, nande, ngimise isivumelwano sami nani.

10. Niyakudla unyasa omdala, nikhiphe unyasa ngenxa yokusha.

11. Ngiyakubeka itabernakele* lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyikunengwa yinina.

12. Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe nguNkulunkulu wenu, nibe ngabantu bami.

Ulevitikusi 26