28. UJoshuwa wayeselishisa i-Ayi, walenza laba yiduma lenxiwa kuze kube phakade; liyincithakalo kuze kube namuhla.
29. Inkosi yase-Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini, basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi, wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla.
30. Khona uJoshuwa wamakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli i-altare entabeni yase-Ebali,
31. njengalokho uMose inceku kaJehova wayala abantwana bakwa-Israyeli, njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose, i-altare lamatshe angabaziwe, angaphakanyiselwanga muntu insimbi; banikela phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa kuJehova, banikela ngeminikelo yokuthula.