Ujoshuwa 8:21-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Ngokuba nxa uJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli bebona ukuthi abaqamekeleyo bawuthathile umuzi nokuthi umusi womuzi wenyuka, base bebuyela emuva, bawabulala amadoda ase-Ayi.

22. Labo abanye baphuma emzini ukuba babahlasele baze babe phakathi kuka-Israyeli, abanye ngalapha, abanye ngalapha, bababulala, kwaze kwangasala muntu owaphunyuka, wabaleka.

23. Inkosi yase-Ayi bayibamba isaphila, bayiyisa kuJoshuwa.

24. Kwathi lapho u-Israyeli eseqedile ukubulala bonke abakhileyo e-Ayi endle ehlane, lapho ebebaxoshele khona, bese bewe bonke ngosiko lwenkemba baze baqedwa, bonke abakwa-Israyeli babuyela e-Ayi, balichitha ngosiko lwenkemba.

25. Bonke abawa ngalolo suku, abesilisa nabesifazane, babeyizinkulungwane eziyishumi nambili, abantu bonke base-Ayi.

26. UJoshuwa akabuyisanga isandla sakhe awelula ngaso umkhonto, engakaqothuli bonke abakhileyo e-Ayi.

27. Izinkomo kuphela nempango yalowo muzi u-Israyeli waziphangela khona, njengezwi likaJehova amyala ngalo uJoshuwa.

28. UJoshuwa wayeselishisa i-Ayi, walenza laba yiduma lenxiwa kuze kube phakade; liyincithakalo kuze kube namuhla.

Ujoshuwa 8