8. Kwathi sebeqedile ukusoka abantu bonke, bahlala ezindaweni zabo ekamu,* baze baphola.
9. UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Namuhla ngilethulile kini ihlazo laseGibithe.” Ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iGiligali kuze kube namuhla.
10. Abantwana bakwa-Israyeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga ngakusihlwa emathafeni aseJeriko.
11. Badla ezithelweni zezwe ngolwangakusasa emva kwephasika, amaqebelengwane angenamvubelo notshwele ngalona lolo suku.
12. Imana* lanqamuka ngangomuso, nxa sebedla ezithelweni zezwe; abakwa-Israyeli ababe besaba nemana futhi, kepha base bedla ezithelweni zezwe laseKhanani ngalowo mnyaka.