1. UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:
2. “Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli ngokuthi: ‘Zimiseleni imizi yokuphephela engakhuluma ngayo kini ngesandla sikaMose
3. ukuba umbulali obulala umuntu ngesiphosiso kungengamabomu abalekele khona, yona ibe yisiphephelo kumphindiseli wegazi.
4. “ ‘Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi, angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo.
5. Uma umphindiseli wegazi emxosha, awayikumnikela umbulali esandleni sakhe, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe kungengamabomu ebekade engamzondi.