Ujoshuwa 17:7-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Umkhawulo kaManase wasuka kwa-Asheri, waya eMikemetha elingaphambi kweShekemi; umkhawulo wawusuya ngakwesokunene kwabakhileyo e-Eni Taphuwa.

8. Izwe laseTaphuwa lalingelikaManase, kepha iTaphuwa elisemkhawulweni kaManase lalingelabantwana bakwa-Efrayimi.

9. Umkhawulo wehlela emfudlaneni iKhana ngaseningizimu komfula; leyo mizi yayingeka-Efrayimi phakathi kwemizi kaManase; umkhawulo kaManase wawungasenyakatho komfula; ukuphuma kwawo kwakuselwandle;

10. okwaseningizimu kwakungokuka-Efrayimi, okwasenyakatho kwakungokukaManase, ulwandle lwalungumkhawulo wakhe; bafinyelela kwa-Asheri ngasenyakatho nakwa-Isakare ngasempumalanga.

11. Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase wabelwa iBeti Sheyani kanye nemizana yalo, neJibileyamu kanye nemizana yalo, nabakhileyo eDori kanye nemizana yalo, nabakhileyo e-Eni Dori kanye nemizana yalo, nabakhileyo eThahanaki kanye nemizana yalo, nabakhileyo eMegido kanye nemizana yalo eyizimpakama ezintathu.

12. Kodwa abantwana bakwaManase babengenakunqoba leyo mizi; kepha amaKhanani ayethanda ukuhlala kulelo zwe.

13. Kwathi lapho abantwana bakwa-Israyeli sebeqinile, bawasebenzisa amaKhanani, abawaxoshanga ngokupheleleyo.

Ujoshuwa 17