14. Ngalokho iHebroni laba yifa likaKalebi indodana kaJefuni, umKhenizi, kuze kube namuhla, ngokuba wamlandela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngokupheleleyo.
15. Igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala ngomuntu owayemkhulu kuwo ama-Anaki.Izwe lase liphumula ekulweni.