Ujona 1:13-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Kepha amadoda agwedla ukuba abuyele emhlabathini, kepha ahluleka, ngokuba ulwandle lwaqhubeka lwaba nesiphepho kuwo.

14. Ayesekhala kuJehova, athi: “Siyakuncenga: masingabhubhi ngenxa yalo muntu, ungabeki phezu kwethu igazi elingenacala, ngokuba wena Jehova wenzile njengokuhlosa kwakho.”

15. Amphakamisa uJona, amphonsa elwandle; ulwandle lwase lupheza ukufutha.

16. Amadoda ayesesaba uJehova ngokwesaba okukhulu; ahlabela uJehova umhlatshelo, enza izithembiso.

17. UJehova wamisela inhlanzi enkulu ukuba imgwinye uJona; uJona wayesezibilinini zenhlanzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.

Ujona 1