1. UJobe wayesemphendula uJehova, wathi:
2. “Ngiyazi ukuthi ungenza konke;alinakuvinjwa icebo lakho.
3. Ngubani ositheza iziluleko engenakwazi na?Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga,izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi.
4. “Ake ungizwe, kukhulume mina;ngiyakukubuza, wena ungazise.
5. Ngangizwile ngawe ngokuzwa kwezindlebe,kepha manje iso lami liyakubona.
6. Ngalokho ngiyazinenga,ngizisole othulini nasemlotheni.”
7. Kwathi lapho uJehova esekhulumile lawo mazwi kuJobe, uJehova wathi ku-Elifazi umThemani: “Intukuthelo yami iyavuthela wena nabangane bakho ababili, ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.