6. Ungibeke isaga sabantu,ngibe ngokhafulelwa ebusweni.
7. Iso lami lifiphele ngosizi;onke amalungu ami anjengethunzi.
8. Abaqotho bayethuswa yilokho;ongenacala uyavukela ongenaNkulunkulu.
9. Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe;onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.
10. Nokho buyani nonke phela, nize;kodwa angiyikuthola phakathi kwenu ohlakaniphileyo.
11. Imihla yami isidlulile,amasu ami anqunyiwekanye nemicabango yami yenhliziyo.
12. Ubusuku babenza imini,bathi:‘Ukukhanya kuseduze nobumnyama.’
13. Uma ngithemba ukuthi indawo yabafileyo iyindlu yami,ngendlalele ukhukho lwami ebumnyameni,