Ujobe 11:9-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Isilinganiso sakho side kunomhlaba,sibanzi kunolwandle.

10. Uma edlula, avalele,abizele ekwahluleleni,ngubani ongamkhalima na?

11. Ngokuba uyabazi abantu ababi;lapho ebona ukona, akayikukunaka na?

12. Umuntu oyize uyakuba nengqondo,nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.

13. “Uma ulungisa inhliziyo yakho,welulele izandla zakho kuye;

14. uma udedisele kude ukona okusesandleni sakho,ungahlalisi ububi ematendeni akho,

15. khona uyakuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni,uqine, ungesabi.

Ujobe 11