12. Ungenzele ukuphila nomusa;ukungihambela kwakho kulondile umoya wami.
13. Kepha ufihlile enhliziyweni yakho lokhu;ngiyazi ukuthi lokhu kukuwe kokuthi:
14. Uma ngona, uyangiqaphela;awuyikuthethelela ukona kwami.
15. Uma nginecala, maye kimi!Noma bengilungile,bengingayikuphakamisa ikhanda lami,lokhu ngisuthi ngehlazo,ngibona ukuhlupheka kwami.
16. Nokuba bengiziphakamisa,ubuyakungizingela njengengonyama,ubuye uzenze omangalisayo kimi.