Ujobe 1:18-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Amadodana akho namadodakazi akho ayedla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo;

19. bheka, kwafika, kwadabula ihlane umoya omkhulu, washaya amagumbi omane endlu, yawa phezu kwezinsizwa, zafa; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”

20. Wayesesukuma uJobe, waklebhula ingubo yakhe, waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka,

Ujobe 1