1. “ ‘Ngaleso sikhathi, usho uJehova, bayakuwakhipha amathambo amakhosi akwaJuda, namathambo ezikhulu zakhe, namathambo abapristi namathambo abaprofethi, namathambo abakhileyo eJerusalema emathuneni abo,
2. baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.
3. Ukufa kuyakukhethwa kunokuphila yinsali yonke esele kulowo mndeni omubi, esele ezindaweni zonke, lapho ngiyixoshele khona, usho uJehova Sebawoti.’