Ujeremiya 42:6-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Noma lilihle, noma lilibi, siyakulilandela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye ukuba kube kuhle kithi, lapho sililalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”

7. Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi izwi likaJehova lafika kuJeremiya.

8. Wayesembiza uJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, nabo bonke abantu abancane nabakhulu, wathi kubo:

9. “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli eningithume kuye ukubeka ukunxusa kwenu phambi kwakhe, uthi:

10. ‘Uma nihlala nokuhlala kuleli zwe, ngiyakunakha nginganidilizi, nginitshale nginganisiphuli, ngokuba ngiyazisola ngokubi engikwenzile kini.

11. Ningayesabi inkosi yaseBabele eniyesabayo; ningayesabi, usho uJehova, ngokuba nginani ukuba nginisindise, nginophule esandleni sayo.

12. Ngiyakuniphatha ngobubele ukuba inihawukele, inibuyisele ezweni lakini.’

Ujeremiya 42