Ujeremiya 4:21-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Koze kube nini ngibona ibhandela,*ngizwe izwi lecilongo, na?

22. “Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi;bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda;bahlakaniphele ukwenza okubi,kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”

23. Ngabuka umhlaba;bheka, wawuyize, wawungenalutho,nezulu lalingenakukhanya.

24. Ngabuka izintaba; bheka, zazamazama;onke amagquma anyakaza.

25. Ngabuka;bheka, kwakungekho muntu;izinyoni zonke zezulu zazibalekile.

Ujeremiya 4