Ujeremiya 39:9-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Insali yabantu ababesala emzini, nabahlubuki ababehlubukela kuye, nensali yabantu abaseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumbela eBabele.

10. Kepha uNebuzaradani induna yabalindi wabashiya abantu abampofu ababengenalutho ezweni lakwaJuda, wabanika izivini namasimu ngasikhathi sinye.

11. UNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wamyala uNebuzaradani, induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi:

12. “Mthathe, umbheke, ungamenzeli lutho olubi, kepha wenze kuye njengokusho kwakhe kuwe.”

13. UNebuzaradani induna yabalindi kanye noNebushazibani induna yezinceku, noNerigali Sareseri induna yabapristi, nezikhulu zonke zenkosi yaseBabele base bethumela,

Ujeremiya 39