Ujeremiya 34:5-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. uyakufa ngokuthula; njengokushiselwa kwawoyihlo, amakhosi okuqala ayengaphambi kwakho, kanjalo bayakukushisela wena, bakulilele, bathi: “Maye, nkosi!” Ngokuba ngilikhulumile izwi, usho uJehova.’ ”

6. UJeremiya umprofethi wayesekhuluma onke lawo mazwi kuSedekiya inkosi yakwaJuda eJerusalema,

7. lapho impi yenkosi yaseBabele ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eseleyo, iLakishi ne-Azeka, ngokuba yiyo eyayisele phakathi kwemizi yakwaJuda iyimizi ebiyelweyo.

8. Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lapho inkosi uSedekiya isenzile isivumelwano nabo bonke abantu baseJerusalema ukubamemezela ukukhululeka,

Ujeremiya 34