16. Kuyakuthi lapho nanda, nichume ezweni, ngalezo zinsuku,” usho uJehova, “bangasayikusho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaJehova;’ awuyikungena enhliziyweni, abayikuwukhumbula; abayikuwuswela, akusayikwenziwa omusha.
17. Ngalolo suku bayakulibiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; izizwe zonke ziyakubuthana kulo, kulo igama likaJehova eJerusalema; azisayikuhamba ngenkani yezinhliziyo zazo ezimbi.
18. Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.
19. “Mina bengithi:“ ‘Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantwana,ngikuphe izwe elinxanelekayo,ifa elihle kakhulu ezizweni!’Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi ‘Baba’,ningabuyi ekungilandeleni.
20. Impela njengomfazi emkhohlisa umyeni,kanjalo ningikhohlisilenina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova.
21. Izwi liyezwakala emadulini angenalutho,ukukhala nokukhuleka kwabantwana bakwa-Israyeli,ngokuba bayihlanekezele indlela yabo,bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.
22. “Buyani nina bantwana abahlehlayo,ngikuphulukise ukuhlehla kwenu.”“Bheka, sesifikile kuwe,ngokuba unguJehova uNkulunkulu wethu.