Ujeremiya 27:14-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Ningawalaleli amazwi abaprofethi ababesho kini ukuthi: ‘Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,’ ngokuba baprofetha amanga kini.

15. ‘Ngokuba angibathumanga,’ usho uJehova; ‘baprofetha amanga ngegama lami ukuze nginixoshe, niphele, nina nabaprofethi abaprofetha kini.’ ”

16. Ngase ngikhuluma kubapristi nakubo bonke laba bantu, ngithi: “Usho kanje uJehova, uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofethi benu abaprofetha kini ukuthi: ‘Bhekani, izitsha zendlu kaJehova ziyakubuyiswa eBabele masinyane.’ Ngokuba baprofetha amanga kini.

17. Ningabalaleli; khonzani inkosi yaseBabele nize niphile; ubuyakuchithelwani lo muzi na?

Ujeremiya 27