8. “Uyakusho kulaba bantu, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngibeka phambi kwakho indlela yokuphila nendlela yokufa.
9. Osala kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumayo, aye kumaKaledi anivimbezelayo, uyakuphila, ukuphila kwakhe kube yimpango yakhe.
10. Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, usho uJehova; uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.’
11. “Yisho endlini yenkosi yakwaJuda, uthi: ‘Zwanini izwi likaJehova lokuthi: