Ujeremiya 1:6-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.”

7. Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma.

8. Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova.

9. UJehova wayeselula isandla sakhe, wawuthinta umlomo wami; uJehova wathi kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.

10. Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.”

11. Izwi likaJehova lafika kimi futhi, lathi: “Jeremiya, ubonani na?”Ngathi: “Ngibona igatsha lomalimondi.”*

Ujeremiya 1