Uhoseya 12:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. U-Efrayimi uyadla umoya,ulandela umoya wasempumalanga;uyandisa imihla yonke amanga nencithakalo;benza isivumelwano ne-Asiriya,namafutha ayiswa eGibithe.

2. UJehova unokuphikisana noJuda futhi;uyakuhambela uJakobe ngenxa yezindlela zakhe,ambuyisele ngokwezenzo zakhe.

3. Esiswini wabamba umfowabo ngesithende,nasebudodeni bakhe walwa noNkulunkulu;

4. walwa nengelosi, wanqoba;wakhala, wanxusa kuyo;yamfumana eBethele,yakhuluma naye lapho.

5. NguJehova uNkulunkulu Sebawoti,nguJehova igama lakhe lodumo.

6. Ngalokho buyela wena kuNkulunkulu wakho,ugcine umusa nokulunga,ulindele uNkulunkulu wakho njalonjalo.

7. IKhanani linesilinganiso esikhohlisayo esandleni salo,lithanda ukukhahlameza.

Uhoseya 12