Ugenesise 9:22-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. UHamu uyise kaKhanani wabona ubunqunu bukayise, watshela abafowabo bobabili bengaphandle.

23. OShemi noJafete bathatha ingubo, bayifaka emahlombe abo bobabili, bahamba nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo babubheka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise.

24. UNowa waphaphama ekudakweni, wezwa lokho ebikwenzile kuye indodana yakhe encane.

25. Wathi:“Makaqalekiswe uKhanani,abe yisigqila sezigqila kubafowabo.”

26. Wathi futhi:“Ubusisiwe uJehova,uNkulunkulu kaShemi,uKhanani abe yisigqila sabo.

27. UNkulunkulu amandise uJafete,ahlale ematendeni kaShemi,uKhanani abe yisigqila sabo.”

28. Emva kukazamcolo uNowa wahamba iminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisihlanu.

Ugenesise 9