9. Kepha ijuba lalingafumani ukuphumula kwamathe onyawo lwalo, labuyela kuye emkhunjini, ngokuba amanzi ayesesebusweni bomhlaba wonke; waselula isandla sakhe, walithatha, walingenisa kuye emkhunjini.
10. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; waphinda walithuma ujuba emkhunjini.
11. Ijuba lafika kuye ngakusihlwa; bheka, kusemlonyeni walo iqabunga lomnqumo elikhiweyo. Wase azi uNowa ukuthi amanzi anciphile emhlabeni.
12. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; walithuma ijuba; alabe lisabuyela kuye.
13. Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga amanzi abeseshile emhlabeni; uNowa wasusa uphahla lomkhumbi, wabona, bheka, ubuso bomhlaba base bomile.
14. Ngenyanga yesibili ngosuku lwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga umhlaba wawusomile.
15. UNkulunkulu wakhuluma kuNowa, wathi:
16. “Phuma emkhunjini, wena nomkakho, namadodana akho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.