20. UNowa wamakhela uJehova i-altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela umnikelo wokushiswa e-altare.
21. UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.
22. Umhlaba usekhona, ukutshala nokuvuna, amakhaza nokufudumala, ihlobo nobusika, imini nobusuku akuyikunqamuka.”