Ugenesise 50:21-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Ngalokho ningesabi; mina ngiyakunondla, nina nezingane zenu.” Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo.

22. UJosefa wahlala eGibithe, yena nendlu kayise; uJosefa wahamba iminyaka eyikhulu neshumi.

23. UJosefa wabona abantwana bakwa-Efrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMakiri indodana kaManase bazalelwa emathangeni kaJosefa.

Ugenesise 50