15. Wabanga bonke abafowabo, wakhalela kubo; emva kwalokho abafowabo bakhuluma naye.
16. Leli zwi lezwakala endlini kaFaro, lithi: “Abafowabo bakaJosefa bafikile.” Kwaba kuhle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe.
17. UFaro wayesethi kuJosefa: “Yisho kubafowenu ukuthi: ‘Yenzani lokhu: thwesani izimbongolo zenu, nihambe niye ezweni laseKhanani,
18. nithathe uyihlo nemizi yenu, nize kimi, nginiphe okuhle kwezwe laseGibithe, nize nidle amanoni ezwe.’
19. “Usuyaliwe: ‘Yenzani lokhu: Nithathele izingane zenu nawomkenu izinqola ezweni laseGibithe, nilethe uyihlo, bese niza.