Ugenesise 44:16-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Wathi uJuda: “Sizakuthini enkosini yami na? Sizakukhulumani? Sizakuzihlanguza kanjani? UNkulunkulu ufumene ububi bezinceku zakho; bheka, siyizigqila zenkosi yami thina naye etholakele esandleni sakhe indebe.”

17. Wathi: “Makube kude kimi ukwenze njalo; umuntu etholakele esandleni sakhe indebe uyakuba yisigqila sami, kepha nina manihambe kahle, nenyuke, niye kuyihlo.”

18. UJuda wayesesondela kuye, ethi: “O nkosi yami, inceku yakho mayikhulume izwi ezindlebeni zenkosi yami, ungavuthi ulaka ngenceku yakho, ngokuba ungangoFaro wena.

19. Inkosi yami yabuza izinceku zayo, yathi: ‘Ninoyihlo, ninomfowenu, na?’

Ugenesise 44