11. Saphupha iphupho ngabona lobo busuku mina naye. Saphupha, kwaba yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe.
12. Kwakukhona nathi lapho insizwa, umHeberu, inceku yenduna yemilindankosi; sayilandisa yona, yasichazela amaphupho ethu, yachazela, kwaba yilowo nalowo ngokwephupho lakhe.
13. Kwathi njengalokho yasichazela, kwaba njalo; mina inkosi yangibuyisela esikhundleni sami, yena yamphanyeka.”
14. UFaro wayesethuma wambiza uJosefa; bashesha bamkhipha emgodini; waphucula, waphendulela ezinye izingubo, wangena kuFaro.
15. Wayesethi uFaro kuJosefa: “Ngiphuphe iphupho, kakho ongalichaza; sengizwe kuthiwa ngawe, lapho ulizwa iphupho, ungalichaza.”
16. UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Akukimi lokho; uNkulunkulu uzakumphendula kahle uFaro.”
17. UFaro wakhuluma kuJosefa, wathi: “Ephusheni lami, bheka, ngangimi ogwini lomfula;
18. bheka, kwase kukhuphuka emfuleni izithole eziyisikhombisa ezikhulupheleyo ezibukeka kahle; zadla emhlangeni.
19. Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emva kwazo, zizacile, zibukeka kabi kakhulu, zondile, engingazange ngibone ezimbi njengalezo ezweni lonke laseGibithe.
20. Izithole ezondileyo ezimbi zadla eziyisikhombisa zokuqala ezikhulupheleyo.