Ugenesise 39:11-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Kwathi ngosuku lumbe engena endlini ukuyokwenza imisebenzi yakhe, kungekho lapho phakathi noyedwa owendlu,

12. wambamba ngengubo yakhe, wathi: “Lala nami,” kepha washiya ingubo yakhe esandleni sakhe, wabaleka, wagijimela phandle.

13. Kwathi esebone ukuthi ushiyile ingubo esandleni sakhe, wabaleka,

14. wabiza abantu bendlu, wakhuluma kubo, wathi: “Bonani usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; uze kimina ukuba alale nami; ngamemeza ngezwi elikhulu;

15. wathi ezwa ukuthi ngiphakamisa izwi lami ngimemeza, washiya ingubo yakhe kimi, wabaleka, wagijimela phandle.”

16. Wayesebeka le ngubo kuye, yaze yafika ekhaya inkosi yakhe.

Ugenesise 39