10. angifanele neze wonke umusa nalo lonke iqiniso okwenzele inceku yakho, ngokuba ngawela leli Jordani ngodondolo lwami kuphela, manje sengingamaqembu amabili.
11. Ake ungophule esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngokuba mina ngiyamesaba, funa eze angichithe kanye nawonina nabantwana.
12. Wathi wena: ‘Impela ngiyakukwenzela okuhle, ngenze inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle esingebalwe ngobuningi.’ ”
13. Walala khona lobo busuku; kulokho okwakusesandleni sakhe wathathela u-Esawu umfowabo isipho:
14. izimbuzikazi ezingamakhulu amabili, nezimpongo ezingamashumi amabili, nezimvukazi ezingamakhulu amabili, nezinqama ezingamashumi amabili,
15. namakamela asengwayo angamashumi amathathu namathole awo, nezinkomazi ezingamashumi amane, nezinkunzi eziyishumi, nezimbongolokazi ezingamashumi amabili, namathole ayishumi.